Zephaniah 32020

1Maye, kohlubukileyo nongcolileyo, umuzi wencindezelo!

2Awulilaleli izwi, awukwemukeli ukuyalwa, awethembeli kuSimakade, awusondeli kuNkulunkulu wawo.

3Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.

4Abaphrofethi bawo bayizichwensi nabakhohlisi. Abaphristi bawo bayingcolisile indawo engcwele, bawephula umthetho.

5USimakade ulungile kuwo, akakwenzi okungalungile. Njalo ekuseni ukhipha isehlulelo sakhe ekukhanyeni, akehluleki, kepha abangalungile abalazi ihlazo.

6“Ngiziqothulile izizwe, imibhoshongo yazo iyincithakalo, ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu, ukuze kungadluli muntu kuyo, imizi yazo icekelwe phansi yasala dengwane.

7Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo.

8“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”

9“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.

10Kusukela phesheya kwemifula eKhushe abanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami, bayakuletha umnikelo wami.

11Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.

12Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade.

13Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”

14Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema.

15USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi.

16Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi.

17USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”

18“Labo abadabuka ngemikhosi enqunyiweyo ngiyakubaqoqa, ngibasuse kuwe, bangumthwalo nehlazo kuwe.

19Uyabona-ke, ngaleso sikhathi ngiyakubhekana ngqo nabo bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo, ngibenze babe nodumo negama abahlazeka emhlabeni wonke.

20Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa, lapho nginiqoqa, ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo kubo bonke abantu bomhlaba, mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Zephaniah 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.