Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Haggai 1

:
Zulu - 2020
1 Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:
2 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Asikafiki isikhathi sokuba kwakhiwe kabusha indlu kaSimakade.’
3 Kwase kufika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi, lathi:
4 “Ngabe sekuyisikhathi senu yini lesi sokuba nihlale ezindlini zenu ezihlotshisiwe, ekubeni le ndlu iyincithakalo, na?”
5 “Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.
6 Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’
7 “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.
8 Khuphukelani entabeni, nilethe izingodo, nakhe indlu, ukuze nami ngithokoze ngayo, ngihlonishwe,’ kusho uSimakade.
9 “Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.
10 Ngalokho-ke kungenxa yenu isibhakabhaka sigodle amazolo, nomhlabathi ugodle isivuno sawo.
11 Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”
12 UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.
13 UHagayi, isithunywa sikaSimakade, wayesethula umyalezo kaSimakade kubantu, wathi: “Mina nginani,” kusho uSimakade.
14 USimakade wavuselela umoya kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, beza, basebenza endlini kaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo,
15 ngosuku lwama-24, ngenyanga yesithupha, ngonyaka wesibili wokubusa kwenkosi uDariyu.