Zephaniah 2
1 Qoqanani, nihlangane ndawonye, sizwe esingenamahloni,
2 singakaphumi isinqumo, lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba, lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaSimakade.
3 Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.
4 Impela iGaza liyakusala dengwane, i-Ashikeloni libe ngamanxiwa, i-Ashidodi balixoshe emini kwabha, kuthi i-Ekhroni lisishulwe.
5 Maye, kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, sizwe samaKherithe! Izwi likaSimakade limelene nawe, Khanani, lizwe lamaFilisti. “Ngiyakukubhubhisa kungahlali muntu.”
6 Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo, amadlangala abelusi, nezibaya zezimvu.
7 Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.
8 “Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.
9 Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
10 Yilokho okuyakuba ngokwabo esikhundleni seqholo labo, ngokuba bathuke inhlamba, basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.
11 USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.
12 “Nani futhi maKhushe, niyakubulawa ngenkemba yami.”
13 Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho, abhubhise i-Asiriya, iNineve alenze libe yincithakalo, lome njengehlane.
14 Imihlambi iyakubuthisa kulo, zonke izilwane zesizwe, isikhova nonoxhongo kuhlale ezihlokweni zezinsika zalo ebusuku. Umsindo wokukhala kwenyoni uyakuzwakala efasiteleni, imfucumfucu ibe sembundwini, ngokuba imishayo yomsederi uyakuyibeka obala.
15 Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.