Zechariah 10
1 Celani imvula kuSimakade ngenkathi yayo entwasahlobo. USimakade uhlomisa izulu, anise imvula; aphe kube yilowo nalowo okudliwayo kwasendle.
2 Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso, ababhuli babona imibono eyedukisayo, bakhuluma ngamaphupho angamanga, baduduza ngokuyize. Ngakho-ke bazulazula njengezimvu, bayahlupheka, ngokuba bengenamelusi.
3 “Intukuthelo yami ivuthela abelusi. Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi, ngokuba uSimakade Wamabandla uyawunakekela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda. Uyakubenza bafane nehhashi lobukhosi bakhe empini.
4 Kuyena kuyakuvela itshe legumbi, kuvele isikhonkwane, kuvele umnsalo wempi, kuvele nababusi bonke ndawonye.
5 Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.
6 “Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.
7 Abakwa-Efrayimi bayakuba njengamaqhawe; inhliziyo yabo ithokoze sengathi kungenxa yewayini. Abantwana babo bayakukubona lokho bajabule; inhliziyo yabo ithokoze ngoSimakade.
8 “Ngiyakubashayela ikhwelo, ngibaqoqe, ngokuba sengibahlengile. Bayakuba baningi njengakuqala.
9 Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe, kodwa bayakungikhumbula besemajukujukwini, bona nezingane zabo bayakusinda, bese bebuya.
10 Ngiyakubabuyisa eGibhithe, ngibaqoqe eSamariya, ngibayise kwaGileyadi naseLebhanoni, akuyukutholakala ndawo eyakubanela.
11 Bayakudabula olwandle lwezinhlupheko. Uyakushaya amagagasi olwandle, nezinzulu zonke zomfula ziyakukoma nkwe, kuyakudicilelwa phansi ukuzigqaja kwe-Asiriya, kusuke nentonga yaseGibhithe.
12 Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.