Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Zechariah 11

:
Zulu - 2020
1 Vula iminyango yakho, Lebhanoni, ukuze umlilo ungqongqise imisedari yakho.
2 Lila msayiphuresi, ngokuba umsedari usuwile, phela izihlahla ezinkulu sezicelwe phansi. Khihlani isililo mi-okhi yaseBhashani, ngokuba ihlathi elicinene seligawuliwe.
3 Ngumsindo wokukhala kwabelusi! Phela udumo lwabo seluphelile. Ngumsindo wokubhonga kwamabhongo ezingonyama! Ngokuba ihlathi eJordani selicekelwe phansi.
4 Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wami, uthi: “Yelusa izimvu zokuhlatshwa.
5 Abazithengile bazihlaba, kodwa bona abethweswa cala, nabazithengisayo bathi: ‘Makabongwe uSimakade; sengicebile.’ Abelusi bazo abanaluzwelo ngazo.
6 Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade. “Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”
7 Ngakho-ke ngazelusa izimvu zokuhlatshwa, lezo ezazihluphekile. Ngazithathela Mina izintonga ezimbili: enye ngayibiza ngokuthi uMusa, enye ngayibiza ngokuthi uBunye, ngase ngiwelusa umhlambi.
8 Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.
9 Ngase ngithi: “Angisayukuzelusa; efayo mayife, ebhujiswayo mayibhubhe, esindayo maziyishwabadele, zinephulane zodwa.”
10 Ngathatha-ke induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngiqede isivumelwano engangisenze nazo zonke izizwe.
11 Saqedwa ngalolo lusuku, kepha wawazi umhlambi wezimvu ezihluphekileyo, ezazethembele kimi ukuthi lokho kwakuyizwi likaSimakade.
12 Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, nginikeni inkokhelo yami, kodwa uma kungenjalo, yekani.” Zayilinganisa inkokhelo yami kwaba yizinhlamvu zesiliva ezingama-30.
13 USimakade wathi kimi: “Ziphonse kumbumbi,” kwakuyinani elikhulu ababengilinganise nalo. Ngathatha kubo izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ngaziphonsa kumbumbi endlini kaSimakade.
14 Ngayinqamula nentonga yami yesibili, uBunye, ukuze ngiqede ubuhlobo phakathi kukaJuda no-Israyeli.
15 USimakade wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomelusi oyisiwula.
16 Ngokuba sengizakuvusa umelusi ezweni ongayukuzinakekela ezilimeleyo, angazifuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezinamanxeba, angazesekeli ezintekenteke, kodwa adle inyama yezikhulupheleyo, adabule izinselo zazo.”
17 “Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”