Zechariah 9
1 Isiphrofetho sezwi likaSimakade elimelene nezwe lakwaHadirakhi. Liyakuhlala nakulo iDamaseku, ngokuba amehlo abantu nawezizwe zonke zakwa-Israyeli abheke kuSimakade,
2 limelene neHamathi elingumngcele kulo, neThire nesiSidoni, ngokuba kuhlakaniphe ngokwedlulele.
3 IThire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicolekileyo njengodaka emigwaqweni.
4 Uyabona, iNkosi iyakuwuthatha kulo umcebo walo, iwuphonse olwandle, lona lingqongqiswe ngomlilo.
5 I-Ashikeloni liyakukubona lokho, lesabe, iGaza liyobayobe kakhulu ezinhlungwini kanye ne-Ekhroni, ngokuba ithemba lalo liyakuphela, inkosi ishabalale eGaza, kungahlali muntu e-Ashikeloni.
6 E-Ashidodi kuyakuhlala izinhlanga ezahlukeneyo. Ngiyakukuqeda nya ukuzigqaja kwamaFilisti.
7 Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nokunyanyekayo emazinyweni abo, nabo bayakuba yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekhroni njengamaJebusi.
8 Ngiyakuyivikela indlu yami, ukuze kungabi bikho mabutho adlulayo nabuyayo; akusayukudlula mcindezeli kubo, ngokuba manje sengizibonele ngawami amehlo.
9 Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
10 Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba.
11 Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.
12 Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba. Ngiyanitshela namhlanje ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu ngokuphindwe kabili.
13 Ngokuba ngizonweba uJuda njengomnsalo, u-Efrayimi abe njengomcibisholo. Ngiyakwenza amadodana akho Ziyoni avukele amadodana akho Javani. Ngikwenze ube njengenkemba yeqhawe.
14 USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.
15 USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.
16 USimakade uNkulunkulu wabo uyakubahlenga ngalolo lusuku, njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele amenyezela phezu kwezwe lakhe.
17 Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.