1Isiphrofetho sezwi likaSimakade elimelene nezwe lakwaHadirakhi. Liyakuhlala nakulo iDamaseku, ngokuba amehlo abantu nawezizwe zonke zakwa-Israyeli abheke kuSimakade,
2limelene neHamathi elingumngcele kulo, neThire nesiSidoni, ngokuba kuhlakaniphe ngokwedlulele.
3IThire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicolekileyo njengodaka emigwaqweni.
4Uyabona, iNkosi iyakuwuthatha kulo umcebo walo, iwuphonse olwandle, lona lingqongqiswe ngomlilo.
5I-Ashikeloni liyakukubona lokho, lesabe, iGaza liyobayobe kakhulu ezinhlungwini kanye ne-Ekhroni, ngokuba ithemba lalo liyakuphela, inkosi ishabalale eGaza, kungahlali muntu e-Ashikeloni.
6E-Ashidodi kuyakuhlala izinhlanga ezahlukeneyo. Ngiyakukuqeda nya ukuzigqaja kwamaFilisti.
7Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nokunyanyekayo emazinyweni abo, nabo bayakuba yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekhroni njengamaJebusi.
8Ngiyakuyivikela indlu yami, ukuze kungabi bikho mabutho adlulayo nabuyayo; akusayukudlula mcindezeli kubo, ngokuba manje sengizibonele ngawami amehlo.
9Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
10Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba.
11Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.
12Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba. Ngiyanitshela namhlanje ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu ngokuphindwe kabili.
13Ngokuba ngizonweba uJuda njengomnsalo, u-Efrayimi abe njengomcibisholo. Ngiyakwenza amadodana akho Ziyoni avukele amadodana akho Javani. Ngikwenze ube njengenkemba yeqhawe.
14USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.
15USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.
16USimakade uNkulunkulu wabo uyakubahlenga ngalolo lusuku, njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele amenyezela phezu kwezwe lakhe.
17Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.