Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 87

:
Zulu - 2020
1 Isisekelo sakhe sisezintabeni ezingcwele.
2 USimakade uyawathanda amasango eZiyoni kunayo yonke imizi kaJakobe.
3 Kukhulunywa izinto ezidumisekayo ngawe, muzi kaNkulunkulu.
4 Ngibala iRahabhi, neBhabhele kulabo abazi mina, bheka, iFilistiya, iThire neKhushe, laba bazalelwa lapho.
5 Kuyothiwa ngeZiyoni: “Yilo, nalo bazalelwa khona, Ophezukonke uyaliqinisa.”
6 Mhla uSimakade eloba izizwe, uyakubala ukuthi lo, wazalelwa khona.
7 Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”