Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 86

:
Zulu - 2020
1 Simakade, beka indlebe yakho ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.
2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; Wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.
3 Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
4 Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuWena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.
5 Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6 Simakade, lalela umkhuleko wami, uzwe izwi lokunxusa kwami.
7 Ngosuku lokuhlupheka kwami ngikhala kuwe, ngokuba uzongiphendula.
8 Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.
9 Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,
10 ngokuba Wena umkhulu, wenza izimangaliso, unguNkulunkulu, Wena wedwa.
11 Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho.
12 Nkosi Nkulunkulu wami, ngikubonga ngenhliziyo yami yonke, igama lakho ngilidumise kuze kube phakade,
13 ngokuba umusa wakho phezu kwami mkhulu, ukhulule umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
14 Nkulunkulu, izedeleli zingivukele, isigejana sezixhwanguxhwangu sizingele umphefumulo wami, sangaba nandaba nawe.
15 Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.
16 Phendukela ngakimi, ube nomusa kimi, inceku yakho yiphe amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho.
17 Ngibonise isibonakaliso somusa wakho, ukuze abangizondayo bakubone lokho, bajabhe, ngokuba Wena Simakade, uyangisiza, uyangiduduza.