Psalms 852020

1Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.

2Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo.

3Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

4Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela.

5Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na?

6Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na?

7Sikhombise ububele bakho, Simakade, usiphe insindiso yakho.

8Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni!

9Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.

10Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.

11Iqiniso liyovumbuka emhlabeni, ukulunga kubheke phansi kusezulwini.

12USimakade uyoveza okuhle, nezwe lethu liyothela izithelo zalo.

13Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, kuhlelembele izinyawo zakhe indlela.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 85.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.