Psalms 842020

1Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla!

2Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga Wena.

5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6Bedabula esigodini iBhakha, basenza saba yindawo yeziphethu, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.

8Simakade Nkulunkulu Wamabandla, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe.

9Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.

11Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 84.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.