Psalms 88
1 Simakade, Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.
2 Beka indlebe yakho ekunxuseni kwami, umkhuleko wami mawufike kuwe.
3 Umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
4 Sengibalwa nabehlela emgodini, sengifana nomuntu ongasenamandla.
5 Ukhukho lwami luphakathi kwabafileyo, nginjengababuleweyo, abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, asebesusiwe esandleni sakho.
6 Ungibeke emgodini ojule kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.
7 Ukuthukuthela kwakho kuphezu kwami; ungishaye ngamadlambi akho wonke.
8 Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.
9 Iso lami liyafa wusizi, ngikhala kuwe, Simakade imihla yonke, izandla zami ngizelulela kuwe.
10 Uyakubenzela yini abafileyo isimangaliso na? Izithunzi ziyovuka yini zikubonge na?
11 Ethuneni kuyolandiswa yini ngomusa wakho, nangokwethembeka kwakho, endaweni yokubhujiswa na?
12 Ziyaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
13 Simakade, mina ngikhala kuwe, ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.
14 Simakade, uwulahlelani umphefumulo wami? Ungifihlelelani ubuso bakho na?
15 Kusukela ebusheni bami ngihluphekile, ngaba ngofayo, ngathwala ukwesabeka kwakho, ngaphela.
16 Ulaka lwakho oluvuthayo lungehlele, ukwesabisa kwakho kungiqedile.
17 Imihla yonke kungizungeze njengamanzi, kungikake kanyekanye.
18 Ubaxoshele kude isihlobo nomngani, ubumnyama yibona obungumhlobo wami.