Psalms 722020

1Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa nenkosana ukulunga kwakho.

2Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa.

3Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu, namagquma, ukulunga.

4Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.

5Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.

6Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba.

7Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga.

8Iyakubusa kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

9Abakhe ehlane bayokhothama phambi kwayo, izitha zayo zikhothe uthuli.

10Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.

11Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze.

12Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.

13Iyakuhawukela odangeleyo nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu.

14Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.

15Mayiphile, bayinike igolide laseShebha, bayithandazele njalo, bayibusise usuku lonke.

16Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.

17Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.

18Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.

19Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20Lesi yisiphetho semikhuleko kaDavide indodana kaJese.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 72.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.