Psalms 712020

1Kuwena, Simakade, ngiyakhosela, mangingajabhi naphakade.

2Ngokulunga kwakho ngikhulule, ungihlenge; beka indlebe yakho kimi, ungisindise.

3Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

4Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni sesikhohlakali, nasekuxhakathisweni yisandla sowenza okubi nesowonakeleyo.

5Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.

6Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.

7Kwabaningi bengifana nesimangaliso, kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla.

8Usuku lonke, umlomo wami ugcwele ukukubonga nokukubabaza.

9Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,

10ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabaqamekela umphefumulo wami bahlangana ngami, bangihlebe,

11bathi: “UNkulunkulu umshiyile; mxosheni, nimbambe, ngokuba akekho ongamkhulula.”

12Nkulunkulu, ungabi kude nami, Nkulunkulu, phuthuma ungisize.

13Abamelene nami befuna umphefumulo wami mabajabhe, baphele. Labo abafuna ukungilimaza, mabathelwe ngehlazo, bahlazeke.

14Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo, ngizokubonga ngingaphezi.

15Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala.

16Ngizofika ngikubonge ngezenzo zamandla zeNkosi uNkulunkulu; ngizokudumisa ngokulunga kwakho, kwakho wedwa.

17Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.

18Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.

19Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

20Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

21Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.

22Nkulunkulu wami, ngizobubonga ubuqotho bakho, ngogubhu lwezintambo, ngikudumise ngehabhu, Wena oNgcwele ka-Israyeli.

23Izindebe zomlomo wami zizojabula, nomphefumulo wami ukuhubele, ngokuba ungihlengile.

24Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 71.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.