Psalms 73
1 UNkulunkulu umnene impela ku-Israyeli, kulabo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2 Kepha mina izinyawo zami zicishe zakhubeka, kwasala kancane ukuba izinyathelo zami zishibilike.
3 Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.
4 Ngokuba abanazinhlungu, kuze kube sekufeni kwabo, bayizitetelegu.
5 Abahlupheki njengabanye abantu, futhi abehlelwa wubhubhane njengabanye abantu.
6 Ngakho-ke ukuqhosha ngumgexo wabo, indluzula bayembethe njengengubo.
7 Amehlo abo aphinqekile ngukunona, imicabango yenhliziyo iyachichima.
8 Baklolodela abanye, bakhulume okubi, baziqhenye, bahlongoze ukubacindezela.
9 Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini, ulimi lwabo luhamba emhlabeni.
10 Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha, amanzi amaningi bazimuncela wona.
11 Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani? Imbala kukhona yini ukwazi koPhezukonke na?”
12 Bheka, laba bayizikhohlakali, bahlala bekhululekile, bandisa imfuyo.
13 Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile, nezandla zami ngazihlamba ngingenacala,
14 ngokuba ngahlushwa usuku lonke, kwasa ngijeziswa.
15 Uma bengithe ngizakukhuluma kanjalo, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16 Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,
17 ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
18 Impela ubabeka ezindaweni ezibushelelezi, ubawise babe yincithakalo.
19 Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bafa, babhubha benovalo.
20 Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakuwedelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21 Kwathi lapho inhliziyo yami iba nomunyu, nezinso zami zibhokodwa,
22 ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe.
23 Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene.
24 Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.
25 Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26 Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
27 Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.
28 Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu, ngiyenzile iNkosi uSimakade ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.