Psalms 66
1 Mhlaba wonke, hubelani uNkulunkulu ngentokozo.
2 Hubelani udumo lwegama lakhe, nimnike udumo nimbonga.
3 Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.
4 Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise, bahubele igama lakho.”
5 Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.
6 Ulwandle uluphendule umhlaba owomileyo; bawela umfula behamba ngezinyawo; sathokoza kuye lapho.
7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.
8 Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe,
9 olonda ukuphila kwethu, ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.
10 Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.
11 Usiphonse enethini, wasethwesa umthwalo onzima.
12 Abantu wabavumela ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu. Sadabula emlilweni nasemanzini, kodwa wasikhiphela endaweni ebanzi.
13 Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,
14 lezo engazikhipha ngezindebe zomlomo, ngazisho ngomlomo wami ngisekuhluphekeni.
15 Ngizonikela kuwe ngeminikelo yokushiswa yezikhuluphalisiweyo, nomusi womhlatshelo wezinqama; ngenze umnikelo ngezinkunzi nezimbuzi.
16 We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.
17 Ngakhala kuye, nginxusa, ukudumisa kwakusolimini lwami.
18 Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayukungizwa iNkosi.
19 Impela uNkulunkulu uzwile, waqaphela izwi lomkhuleko wami.
20 Makabongwe uNkulunkulu ongawenqabanga umkhuleko wami, noma wasisusa isihawu sakhe kimi.