Psalms 662020

1Mhlaba wonke, hubelani uNkulunkulu ngentokozo.

2Hubelani udumo lwegama lakhe, nimnike udumo nimbonga.

3Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.

4Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise, bahubele igama lakho.”

5Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.

6Ulwandle uluphendule umhlaba owomileyo; bawela umfula behamba ngezinyawo; sathokoza kuye lapho.

7Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.

8Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe,

9olonda ukuphila kwethu, ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.

10Ngokuba Wena, Nkulunkulu, usivivinyile, wasihlanza njengalokhu kuhlanzwa isiliva.

11Usiphonse enethini, wasethwesa umthwalo onzima.

12Abantu wabavumela ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu. Sadabula emlilweni nasemanzini, kodwa wasikhiphela endaweni ebanzi.

13Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,

14lezo engazikhipha ngezindebe zomlomo, ngazisho ngomlomo wami ngisekuhluphekeni.

15Ngizonikela kuwe ngeminikelo yokushiswa yezikhuluphalisiweyo, nomusi womhlatshelo wezinqama; ngenze umnikelo ngezinkunzi nezimbuzi.

16We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.

17Ngakhala kuye, nginxusa, ukudumisa kwakusolimini lwami.

18Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayukungizwa iNkosi.

19Impela uNkulunkulu uzwile, waqaphela izwi lomkhuleko wami.

20Makabongwe uNkulunkulu ongawenqabanga umkhuleko wami, noma wasisusa isihawu sakhe kimi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 66.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.