Psalms 652020

1Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni kuyofezeka isithembiso kuwe.

2Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe.

3Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu.

4Ubusisiwe okhethwe nguwe, wamsondeza ukuba ahlale emagcekeni akho. Siyosuthiswa ngokuhle okuvela endlini yakho, ithempeli lakho elingcwele.

5Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,

6Yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla,

7othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho, ujabulisa impumalanga nentshonalanga.

9Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu, umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi, abantu ubalungisela ukudla.

10Umatisa imisele yawo, ulalise amasoyi awo, uwuthambise ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.

11Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha.

12Amadlelo asehlane ayaconsa, amagquma abhinca injabulo.

13Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu, konke kuyajabula, kuyahlabelela.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 65.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.