Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 64

:
Zulu - 2020
1 Yizwa izwi lami, Nkulunkulu, ekukhaleni kwami, ulondoloze impilo yami ezinsongweni zesitha.
2 Ngifihle kuyo inguyazana yababi, nasesixukwini sabenza okubi,
3 abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,
4 ukuze bazume ongenacala bamdubule, bamdubule engazelele; abanaluvalo.
5 Badudana ngecebo elibi, bahlele ukucupha izingibe, bethi: “Siyobonwa ngubani na?”
6 Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliphethile icebo elisongoziweyo;” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.
7 Kepha uNkulunkulu uyakubaciba ngomcibisholo, bagwazwe ngokuzunywa.
8 Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo, bonke abababonayo bayonikina amakhanda.
9 Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.
10 Olungileyo uyothokoza kuSimakade, aphephele kuye. Bonke abaqotho ngenhliziyo, badumise.