Psalms 632020

1Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.

2Yingakho ngikufuna endaweni engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila, izindebe zomlomo wami zizokudumisa.

4Yingakho ngizokubonga, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizophakamisa izandla zami egameni lakho.

5Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo,

6lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.

7Wena ungisizile, ngizokwethaba emthunzini wamaphiko akho.

8Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele.

9Kepha abazingela umphefumulo wami ukuba bawenzakalise, bazokwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10Bazonikelwa esandleni senkemba, babe wukudla kwezimpungushe.

11Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu, bonke abafunga Yena bayomdumisa, ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 63.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.