Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 67

:
Zulu - 2020
1 UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu,
2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.
3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke.
4 Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni.
5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke.
6 Umhlaba uthele izithelo zawo, uNkulunkulu wethu usibusisile.
7 Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.