1UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu,
2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.
3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke.
4Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo, ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga, uhole izizwe emhlabeni.
5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu, ubongwe ngabantu bonke.
6Umhlaba uthele izithelo zawo, uNkulunkulu wethu usibusisile.
7Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise, yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.