Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 60

:
Zulu - 2020
1 Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.
2 Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza, zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.
3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima, wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.
4 Abakwesabayo ubanike ifulegi ukuba baliphakamise ngenxa yeqiniso.
5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, usiphendule.
6 UNkulunkulu ukhulumile esebungcweleni bakhe, wathi: “Ngizokunqoba, ngihlukanise iShekemi, ngisilinganise iSigodi iSukhothi.
7 UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.
8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela, ngiphonsa isicathulo sami phezu kuka-Edomi. Filistiya, hlokoma ngenjabulo ngenxa yami.”
9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
10 Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.
11 Sisize esitheni, ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.
12 Sizonqoba ngoNkulunkulu; Yena uzozinyathela izitha zethu.