Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 61

:
Zulu - 2020
1 Nkulunkulu, yizwa ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami.
2 Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.
3 Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.
4 Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho.
5 Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.
6 Uzokwandisa izinsuku zokuphila kwenkosi, iminyaka yayo ibe miningi ngangezizukulwane.
7 Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde.
8 Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.