1Nkulunkulu, yizwa ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami.
2Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.
3Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami, umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.
4Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade. Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho.
5Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.
6Uzokwandisa izinsuku zokuphila kwenkosi, iminyaka yayo ibe miningi ngangezizukulwane.
7Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde.
8Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.