Psalms 592020

1Nkulunkulu wami, ngikhulule ezitheni zami, ungivikele kwabangivukelayo.

2Ngikhulule kwabenza okubi, ungisindise kubantu abomele igazi.

3Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.

4Ziyagijima, zizilungisele, ngingenacala, vuka ungihlangabeze, uzibonele ngawakho.

5Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo.

6Babuya kusihlwa, bahlabe umkhulungwane njengenja, bezulazula emzini.

7Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”

8Kepha Wena Simakade uyabahleka, ubaklolodele bonke abezizwe.

9Ngenxa yamandla akho, ngizokulindela, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.

11Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.

12Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13Ziqede nya, ngolaka, uzishabalalise ziphele nya, mazazi ukuthi nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

14Zibuya kusihlwa, zihlabe umkhulungwane njengenja, zizulazule emzini.

15Zehla zenyuka zifuna ukudla; uma zingasuthi, ziyagwavuma.

16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.

17Mandla ami, ngizohubela Wena; ngokuba uNkulunkulu, uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami onomusa.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 59.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.