Psalms 582020

1Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?

2Qha, ingani ezinhliziyweni niphehla imisebenzi yokungalungi, ezweni nikala ngendluzula evela ezandleni zenu.

3Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.

4Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka, banjengemamba edlebelekile, esivale amadlebe

5ukuze ingalizwa izwi labalumbi abalumba ngobuchule.

6Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama.

7Mabahwamuke njengamanzi achithekayo; lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi inqundekile.

8Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga.

9Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.

10Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,

11abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owehlulelayo emhlabeni.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 58.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.