Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 58

:
Zulu - 2020
1 Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?
2 Qha, ingani ezinhliziyweni niphehla imisebenzi yokungalungi, ezweni nikala ngendluzula evela ezandleni zenu.
3 Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka, banjengemamba edlebelekile, esivale amadlebe
5 ukuze ingalizwa izwi labalumbi abalumba ngobuchule.
6 Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama.
7 Mabahwamuke njengamanzi achithekayo; lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi inqundekile.
8 Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga.
9 Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.
10 Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,
11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owehlulelayo emhlabeni.”