Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 55

:
Zulu - 2020
1 Nkulunkulu, lalela umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.
2 Ngizwele, ungiphendule; ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile,
3 ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele.
4 Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele.
5 Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela, ngikhungethwe wukwesaba.
6 Ngibe sengithi: “Ukuba benginamaphiko njengejuba, ngabe ngindizela kwelikude, ngihlale khona nginethezeke.”
7 Bengiyakubaleka, ngiye kude, ngihlale ehlane.
8 Bengizophuthuma ngithole umpheme ukuze ngiphephe ezivunguvungwini naseziphephweni.
9 Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.
10 Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu kwezingange zawo, inkohlakalo nenkathazo kukuwo.
11 Incithakalo itholakala kuwo, ingcindezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.
12 Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela.
13 Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami.
14 Besihlala ndawonye kamnandi; besihamba simshungu munye siya endlini kaNkulunkulu nebandla elithokozayo.
15 Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.
16 Kepha mina ngizokhala kuNkulunkulu uSimakade, uzongisindisa.
17 Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.
18 Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami.
19 UNkulunkulu esesihlalweni kwasemandulo uzongizwa, abathobise, ngokuba abaphenduki, futhi abamesabi uNkulunkulu.
20 Ugadla kulabo ahlalisene kahle nabo, usijivazile isivumelwano sakhe,
21 amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.
22 Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
23 Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.