Psalms 552020

1Nkulunkulu, lalela umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.

2Ngizwele, ungiphendule; ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile,

3ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele.

4Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele.

5Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela, ngikhungethwe wukwesaba.

6Ngibe sengithi: “Ukuba benginamaphiko njengejuba, ngabe ngindizela kwelikude, ngihlale khona nginethezeke.”

7Bengiyakubaleka, ngiye kude, ngihlale ehlane.

8Bengizophuthuma ngithole umpheme ukuze ngiphephe ezivunguvungwini naseziphephweni.

9Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.

10Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu kwezingange zawo, inkohlakalo nenkathazo kukuwo.

11Incithakalo itholakala kuwo, ingcindezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.

12Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela.

13Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami.

14Besihlala ndawonye kamnandi; besihamba simshungu munye siya endlini kaNkulunkulu nebandla elithokozayo.

15Ukufa makubazume, behlele endaweni yabafileyo besaphila, ngokuba ububi busezindlini zabo, phakathi kwabo.

16Kepha mina ngizokhala kuNkulunkulu uSimakade, uzongisindisa.

17Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.

18Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami.

19UNkulunkulu esesihlalweni kwasemandulo uzongizwa, abathobise, ngokuba abaphenduki, futhi abamesabi uNkulunkulu.

20Ugadla kulabo ahlalisene kahle nabo, usijivazile isivumelwano sakhe,

21amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.

22Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

23Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 55.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.