Psalms 56
1 Nkulunkulu, yiba nomusa kimi, ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa. Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.
2 Izitha zami zingenzakalisa njalo, ngokuba baningi abalwa nami ngokuqhosha.
3 Mhla ngesabayo ngiyokwethembela kuwe.
4 KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe, kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?
5 Usuku lonke bahlanekezela amazwi ami. Yonke imicabango yabo ihlose ukungilimaza.
6 Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.
7 Ungabavumeli baphunyule ngenxa yobubi babo, ngentukuthelo, qumba phansi izizwe, Nkulunkulu.
8 Wena ukunakile ukuzulazula kwami, izinyembezi zami zethe egabheni lakho. Kanti azikho yini encwadini yakho na?
9 Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.
10 KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe, kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe.
11 Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyukwesaba. Umuntu angangenzani na?
12 Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13 Ngokuba umphefumulo wami uwukhulule ekufeni, nezinyawo zami, ekukhubekeni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu, ekukhanyeni kwabaphilayo.