Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 53

:
Zulu - 2020
1 Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle.
2 UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.
3 Bonke baphambukile, bonke bakhohlakele, akukho noyedwa owenza okuhle, akukho noyedwa.
4 Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na?
5 Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
6 Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.