1We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.
2Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,
3uthanda okubi kunokuhle, amanga kunokulungileyo.
4Wena lulimi lwenkohliso, uthanda onke amazwi abhubhisayo.
5Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo.
6Abalungileyo bayokubona lokho, besabe; bakuhleke, bathi:
7“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”
8Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.
9Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.