Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 52

:
Zulu - 2020
1 We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.
2 Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,
3 uthanda okubi kunokuhle, amanga kunokulungileyo.
4 Wena lulimi lwenkohliso, uthanda onke amazwi abhubhisayo.
5 Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo.
6 Abalungileyo bayokubona lokho, besabe; bakuhleke, bathi:
7 “Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”
8 Kepha mina ngifana nesihlahla somhlwathi esiluhlaza, endlini kaNkulunkulu. Ngethembele emseni kaNkulunkulu kuze kube phakade.
9 Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.