Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 50

:
Zulu - 2020
1 UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.
2 EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe, uSimakade uqhakazile.
3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.
4 Ubiza izulu ngaphezulu nomhlaba, ukuba ahlulele isizwe sakhe:
5 “Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”
6 Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli.
7 “Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.
8 Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.
9 Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho,
10 ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni.
11 Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi.
12 Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.
13 Mina ngizokudla inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo na?
14 Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,
15 ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”
16 Kepha komubi, uNkulunkulu uthi: “Yini ukuba ushumayele ngezimiso zami, ukhulume ngesivumelwano sami,
17 ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na?
18 Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo.
19 Umlomo wakho uwuyekela ebubini, ulimi lwakho lubopha inkohliso.
20 Uhlala ugxibha umfowenu, unyevuza indodana kanyoko.
21 Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.
22 “Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.
23 Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”