Psalms 502020

1UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.

2EseZiyoni, ekupheleleni kobuhle bakhe, uSimakade uqhakazile.

3UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.

4Ubiza izulu ngaphezulu nomhlaba, ukuba ahlulele isizwe sakhe:

5“Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

6Amazulu amemezela ngokulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumehluleli.

7“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.

8Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.

9Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho,

10ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni.

11Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi.

12Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.

13Mina ngizokudla inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo na?

14Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,

15ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”

16Kepha komubi, uNkulunkulu uthi: “Yini ukuba ushumayele ngezimiso zami, ukhulume ngesivumelwano sami,

17ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na?

18Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo.

19Umlomo wakho uwuyekela ebubini, ulimi lwakho lubopha inkohliso.

20Uhlala ugxibha umfowenu, unyevuza indodana kanyoko.

21Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.

22“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.

23Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 50.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.