Psalms 492020

1Lalelani lokhu nina bantu, nonke bekani indlebe, nonke zakhamuzi zasemhlabeni,

2abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabantulayo.

3Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda.

4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.

5Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko, lapho ngihaqwa wububi babangizingelayo,

6labo abethembela engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na?

7Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu.

8Ngokuba ukuhlengwa kwempilo yakhe kubiza kakhulu, ngeke kwafinyelelwa kukho nanini,

9ukuze umuntu aphile ingunaphakade, angaliboni igodi.

10Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.

11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.

12Kepha umuntu, nakuba enodumo, akayukuhlala angafi, ufana nezilwane ezibhubhayo.

13Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabathokozela amazwi abo.

14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela.

16Ungesabi uma umuntu eba yisicebi, nxa umcebo wendlu yakhe wanda.

17Ngokuba ekufeni kwakhe akayukumuka nalutho, umcebo wakhe awuyukwehla naye.

18Noma engawubusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bamtuse, ngokuba uzenzele kahle,

19nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe, abayukukubona ukukhanya naphakade.

20Umuntu ebukhazikhazini bakhe engenakuqonda, unjengezilwane ezibhubhayo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 49.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.