1Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami.
2Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.
3Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.
4Ngokuba Wena unguNkulunkulu ongabuthokozeli ububi; ububi abunakuhlala kuwe.
5Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi.
6Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.
7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.
8Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami.
9Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
10Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, badingise ngenxa yobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bayamelana nawe.
11Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe, mabakhamuluke ngenjabulo phakade, ubasibekele, bajabule kuwe abathanda igama lakho.
12Simakade, Wena uyambusisa olungileyo; umhaqa ngomusa njengesihlangu.