Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 5

:
Zulu - 2020
1 Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami.
2 Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.
3 Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.
4 Ngokuba Wena unguNkulunkulu ongabuthokozeli ububi; ububi abunakuhlala kuwe.
5 Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi.
6 Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.
7 Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.
8 Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami.
9 Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
10 Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, badingise ngenxa yobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bayamelana nawe.
11 Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe, mabakhamuluke ngenjabulo phakade, ubasibekele, bajabule kuwe abathanda igama lakho.
12 Simakade, Wena uyambusisa olungileyo; umhaqa ngomusa njengesihlangu.