Bible

Create

Inspiring Presentations Without Hassle

Try Risen Media.io Today!

Click Here

Psalms 4

:
Zulu - 2020
1 Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.
2 Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na?
3 Yazini ukuthi uSimakade uzehlukanisele abaqotho; uSimakade uyakuzwa lapho ngikhala kuye.
4 Thukuthelani, kodwa ningoni; zindlani enhliziyweni yenu, embhedeni wenu, nithule.
5 Nikelani ngeminikelo yokulunga, nethembele kuSimakade.
6 Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
7 Ubeke injabulo enhliziyweni yami, eyedlula leyo yesikhathi lapho kunensada yokusanhlamvu, neyewayini labo elisha.
8 Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.