1Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
2Baningi abathi ngami: “Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.”
3Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele.
5Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.
6Angiyukuzesaba izindimbane zabantu abangihaqe nxazonke.
7Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
8Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho.