Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 3

:
Zulu - 2020
1 Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
2 Baningi abathi ngami: “Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.”
3 Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4 Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele.
5 Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.
6 Angiyukuzesaba izindimbane zabantu abangihaqe nxazonke.
7 Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
8 Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho.