1Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.
2Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.
3Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na?
4Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho.
5Akukho ukukhumbula Wena kwelabafileyo; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
6Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami.
8Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.
9USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami.
10Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.