Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 6

:
Zulu - 2020
1 Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.
2 Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.
3 Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na?
4 Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho.
5 Akukho ukukhumbula Wena kwelabafileyo; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7 Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami.
8 Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami.
9 USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami.
10 Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.