1Simakade, ngiphephela kuwe, mangingajabhiswa naphakade, ngikhulule ngokulunga kwakho.
2Indlebe yakho ibeke kimi, ungikhulule ngokushesha. Yiba yidwala lokuphephela kimi, inqaba eqinileyo engikhosela kuyo.
3Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.
4Ngikhiphe ogibeni abangicuphe ngalo, ngokuba Wena uyisiphephelo sami.
5Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho, ungikhululile, Simakade, Nkulunkulu weqiniso.
6Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.
7Ngizokwethaba ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
8awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
9Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami.
10Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.
11Ngiyisigcono sazo zonke izitha zami, ingasaphathwa-ke eyomakhelwane bami. Sengiyinto esabisayo kubangani bami. Engihlangana nabo emgwaqweni bayangibalekela.
12Sebengikhohliwe ezinhliziyweni zabo, senginjengomuntu ofileyo, nesitsha esephukileyo.
13Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.
14Kepha mina ngethemba Wena Simakade, ngithi: “Wena unguNkulunkulu wami.”
15Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.
16Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho, ngomusa wakho ungisindise.
17Simakade mangingajabhiswa, ngokuba ngikhala kuwe, izikhohlakali mazijabhiswe, ziyiswe kwelabafileyo sezithule.
18Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.
19Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.
20Ubafihla emphemeni wobukhona bakho, ezigungwini zababakhela uzungu. Ubagcina bephephile edokodweni lakho, olimini olumbaxambili.
21Makabongwe uSimakade, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo ngesikhathi ngisemzini ovinjezelweyo.
22Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.
23Mthandeni uSimakade nina nonke abamethembayo. USimakade uyabalondoloza abathembekileyo, aziphindiselele kulowo ozidlayo.
24Qinani, inhliziyo yenu ime isibindi, nina nonke enethembela kuSimakade.