Psalms 32
1 Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sesuliwe.
2 Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko, okungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3 Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke.
4 Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu.
5 Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.
6 Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.
7 Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa.
8 Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.
9 Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho.
10 Ziningi izinhlupheko zababi, kodwa umusa uyamhaqa owethemba uSimakade.
11 Yethabani kuSimakade nina abalungileyo; nihlokome ngentokozo nina nonke enimsulwa enhliziyweni.