Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 30

:
Zulu - 2020
1 Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.
2 Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa.
3 Simakade ukhulule umoya wami endaweni yabafileyo, wangigcina ngiphilile, angaze ngashona egodini.
4 Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele.
5 Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.
6 Mina ngathi lapho ngiphumelela: “Angisoze nganyakaziswa naphakade.”
7 Simakade ngomusa wakho, wangenza nganjengentaba eqinileyo. Usubufihlile ubuso bakho, ngadangala.
8 Ngakhala kuwe Simakade, nganxusa Nkosi yami, ngathi:
9 “Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?
10 Yizwa, Simakade, ube nomusa kimi; Simakade yiba ngumsizi wami!”
11 Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,
12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.