1Mnikeni udumo uSimakade, nina zidalwa zezulu. Mnikeni uSimakade udumo, inkazimulo namandla.
2Mnikeni uSimakade udumo olufanele igama lakhe, mdumiseni uSimakade ebukhazikhazini bakhe obungcwele.
3Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.
4Izwi likaSimakade linamandla. Izwi likaSimakade liyinkazimulo.
5Izwi likaSimakade lephula imisedari; uSimakade uphoqoza imisedari eLebhanoni.
6ILebhanoni alenze litshekule njengenkonyane, neSiriyoni, njengethole lenyathi.
7Izwi likaSimakade lidlalisela kugqamuke amalangabi.
8Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi.
9Izwi likaSimakade liphunzisa izimbabala; liphundla amahlathi, konke okusethempelini lakhe kuthi: “Udumo!”
10USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.
11USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.