Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 28

:
Zulu - 2020
1 Ngikhala kuwe, Simakade; Dwala lami, ungazenzi isithulu kimi, funa uma uthalalisa, ngifane nalabo abehlela egodini.
2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.
3 Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.
4 Banike umvuzo ofanele izenzo zabo, nobubi bemisebenzi yabo, nangokwenza kwezandla zabo, uphindisele kubo abakwenzayo.
5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaSimakade, nokwenziwe yizandla zakhe. Uyobadiliza, angabe esabakha kabusha.
6 Makabongwe uSimakade, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.
7 USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.
8 USimakade ungamandla abantu bakhe. Uyinqaba eyinsindiso yogcotshiweyo wakhe.
9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.