Psalms 25
1 Simakade, ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
2 Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.
3 Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.
4 Simakade, ngazise izindlela zakho, ungifundise imendo yakho.
5 Ngiholele eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba Wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngethembele kuwe njalo.
6 Simakade, khumbula umusa wakho kithi, nesihawu sakho, ngokuba kukhona kwaphakade.
7 Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami, ngokwesihawu sakho ngikhumbule, ngenxa yokulunga kwakho, Simakade!
8 USimakade muhle, ulungile, yingakho izoni ezifundisa indlela.
9 Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
10 Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.
11 Simakade, ngenxa yegama lakho ngithethelele isiphambeko sami, ngokuba sikhulu.
12 Ngubani owesaba uSimakade na? Uyomfundisa indlela okumele ayikhethe.
13 Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.
14 USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.
15 Amehlo ami ahlala ethe njo kuSimakade, ngokuba nguye okhulula izinyawo zami ogibeni.
16 Bheka ngakimi, ube nomusa kimi, ngokuba ngiyinhlwa, futhi ngiyahlushwa.
17 Ngikhulule ezinsizini ezisenhliziyweni yami, ungikhiphe ezinhluphekweni engikuzo.
18 Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.
19 Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami, nokuthi zingiphethe ngendlakandla nangenzondo engakanani.
20 Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule, ungavumi ngithelwe ngehlazo, ngokuba mina ngiphephela kuwe.
21 Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.
22 Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.