Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 24

:
Zulu - 2020
1 Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,
2 ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula.
3 Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na? Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na?
4 Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.
5 Uyofumana isibusiso kuSimakade, nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
6 Yilesi isizululwane salabo abamfunayo, labo abafuna ubuso bukaNkulunkulu kaJakobe.
7 Phakamisani, amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, phakamani ukuze iNkosi yenkazimulo ingene.
8 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade onamandla, oyiqhawe, uSimakade oyiqhawe empini.
9 Phakamisani amakhanda enu masango! Niphakame nani minyango yaphakade, ukuze iNkosi yenkazimulo ingene.
10 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo.