Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 23

:
Zulu - 2020
1 USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela.
2 Ungilalisa emadlelweni aluhlaza; ungiyisa ngasemanzini okuphumula.
3 Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe.
4 Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.
5 Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.
6 Impela okuhle nomusa kuyohlala kungilandela imihla yonke yokuphila kwami. Ngiyohlala endlini kaSimakade kuze kube phakade.