Psalms 262020

1Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.

2Ngivivinye, Simakade, ungihlolisise, hlola izizindlo zenhliziyo yami, nengqondo yami.

3Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho.

4Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.

5Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali.

6Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,

7ngimemezele ihubo lokubonga, ngilandise ngazo zonke izimangaliso zakho.

8Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.

9Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,

10abazandla zabo zingamathuluzi enkohlakalo, esokunene sabo sigcwele imifumbathiso.

11Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi.

12Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 26.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.