Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 26

:
Zulu - 2020
1 Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.
2 Ngivivinye, Simakade, ungihlolisise, hlola izizindlo zenhliziyo yami, nengqondo yami.
3 Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho.
4 Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.
5 Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali.
6 Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,
7 ngimemezele ihubo lokubonga, ngilandise ngazo zonke izimangaliso zakho.
8 Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.
9 Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,
10 abazandla zabo zingamathuluzi enkohlakalo, esokunene sabo sigcwele imifumbathiso.
11 Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi.
12 Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.