Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 146

:
Zulu - 2020
1 Haleluya! Dumisa uSimakade, mphefumulo wami.
2 Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.
3 Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu, eningeke nathola lusizo kubo.
4 Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela.
5 Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,
6 owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade.
7 Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.
8 USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo.
9 USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.
10 USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!