Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 147

:
Zulu - 2020
1 Haleluya! Kumnandi kakhulu ukuhlabelelela uNkulunkulu wethu, ngokuba unomusa, indumiso imfanele.
2 USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe.
3 Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.
4 Ubala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama.
5 INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa.
6 USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi.
7 Hubelani uSimakade ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,
8 osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.
9 Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.
10 Akathokozi ngamandla ehhashi, akajatshuliswa yijubane lomuntu.
11 USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe.
12 Jerusalema, mbabaze uSimakade, Ziyoni, mdumise uNkulunkulu wakho,
13 ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile, ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho.
14 Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo.
15 Uthumela umyalo wakhe emhlabeni, izwi lakhe ligijima ngesikhulu isivinini.
16 Wendlala iqhwa njengoboya, asakaze isithwathwa njengomlotha.
17 Wehlisa isichotho njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?
18 Usho ngezwi, kuncibilike; wenza umoya uphephethe, amanzi ageleze.
19 Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.
20 Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!