Psalms 1452020

1Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.

2Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.

3USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali.

4Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.

5Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.

6Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.

7Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.

8USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu.

9USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.

10Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abathembekileyo bakho bakubonge.

11Bayokhuluma ngenkazimulo yombuso wakho,

12ukuze babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.

13Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

14USimakade uyabaphasa bonke abawayo, abaphakamise bonke abathotshisiweyo.

15Amehlo abo bonke alinda Wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.

16Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.

17USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.

18USimakade useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.

19Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.

20USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.

21Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaSimakade, abantu bonke babonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 145.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.