1Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke, ngikuhubele phambi konkulunkulu.
2Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.
3Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.
4Wonke amakhosi omhlaba mawakubonge, Simakade, ngokuba ezwile amazwi omlomo wakho.
5Mawahlabelele ngezindlela zikaSimakade, ngokuba inkulu inkazimulo kaSimakade.
6Nakuba uSimakade ephakeme, uyamnakekela ophansi; ozidlayo umazi ekude.
7Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
8USimakade uzoyifeza injongo yakhe ngami. Simakade, umusa wakho umi phakade, ungayishiyi imisebenzi yezandla zakho.