Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 137

:
Zulu - 2020
1 Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni.
2 Amahabhu ethu sawaphanyeka eminyezaneni eyayilapho.
3 Ngokuba ababesithumbile bacela ukuba sihlabelele ihubo, nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi: “Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.”
4 Siyakulihlabelela kanjani ihubo likaSimakade sikwelinye izwe na?
5 Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuciko baso.
6 Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.
7 Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
8 Ndodakazi yaseBhabhele, wena oyobhujiswa, ubusisiwe oyophindisela kuwe ngezenzo zakho owazenza kithina.
9 Ubusisiwe obamba izingane zakho aziphahlaze edwaleni.