Psalms 136
1 Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3 Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;
4 yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5 owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6 owendlale umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7 owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8 ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9 inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10 owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
12 ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13 owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15 owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16 owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17 owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18 owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade:
19 uSihoni, inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
20 no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21 owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
22 laba yifa lika-Israyeli, inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23 owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24 owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25 opha bonke abantu ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
26 Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.