1Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;
4yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6owendlale umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
12ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade:
19uSihoni, inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
20no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade,
22laba yifa lika-Israyeli, inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25opha bonke abantu ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
26Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.