Psalms 1392020

1Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi.

2Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.

3Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami.

4Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke.

5Ungizungeze ngemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami.

6Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na?

8Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena.

9Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.

11Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,”

12ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.

13NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame.

14Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle.

15Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

16Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

19Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi.

20Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho.

21Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na?

22Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, bayizitha kimi.

23Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami,

24ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Psalms 139.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.