Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 130

:
Zulu - 2020
1 Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni.
2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokunxusa kwami.
3 Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?
4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.
5 Ngizolindela uSimakade, umphefumulo wami uzolinda, ngiyalethemba izwi lakhe.
6 Umphefumulo wami ulindela iNkosi kunabalindi abalindela ukusa.
7 U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye.
8 Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe.